... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuziphilela Ngawedwa Kuqhathaniswa Nokuziphilela nabanye Abantu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 27:10 Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo,ungangeni endlini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho ;ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude .

Listen to the radio broadcast of

Ukuziphilela Ngawedwa Kuqhathaniswa Nokuziphilela nabanye Abantu


Download audio file

Ukubona intsha yethu ithe shi ngobuso  kuma screen ama smartphone sekuphenduke  into eyinjwayelo  kulesikhathi .Yebo kwesinye isikhathi kuye kulethe ukudideka ,kodwa mawungase ucabange ngokujulile ,kuzokukhombisa  ukuthi kwenzekani emiphakathini yethu futhi yebo nebala ,nakwezethu izimpilo uqobo . 

Lowamoya wokuba yingxenye yomphakathi uphile nabantu ,okuwumoya owawukhona ngisemncane ngisewumfana ,ebesingawubiza njengokuphilisana ,usuthathwe ngumoya wokuziphilela wedwa emhlabeni wakho phaqa.Andukuba izimoto zivelele zibe ziningi ,abantu babevamise ukugibela amabhasi nezitimela .Kodwa manje yonke imigwaqo yamadolobha amakhulu emhlabeni wonke ,igcwele izimoto,othola ukuthi imvama imoto ngayinye inomuntu oyedwa phakathi . 

Futhi yebo  itechnology ovese uthi qhafaqhafa khona la ezandleni isenze saxhumana kakhulu yaphinde futhi khona lapho yasenza onkomo idla yodwa .Okuxakayo kakhulu yile yokuthi sinamathele kweqa kuyona .Yiyona ndlela izinto eseziyiyona kulesikhathi sethu ,kodwa bekungamele ukuba zibenjalo .

Izaga 27:10 Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo,ungangeni endlini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho ;ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude .

Ngiyawathanda lamazwi ngoba aqhamuka abe yisikhumbuzo esinamandla  – yebo nebala njengomyalelo ovela kuNkulunkulu  – ukwakha umphakathi ngokokuba  sincike komunye nomunye .Futhi size sisondele ngisho kubangani bobaba bethu [abaphilayo] .Ngamanye kumele umklamo wobungani bethu umelwe ukwedlula eduze la sikhona thina kuma smartphone ethu  kumbe kwesibazi kangcono abaseduze . 

Phakamisa amehlo akho ,ubuke .Yimaphi amathuba uNkulunkulu akupha wona ukwakha amaxhama okuxhumana amasha ? Yimuphi njengamanje odinga usizo lwakho?  Yimuphi umakhelwani kulabo owakhelene nabo ongabusiseka uma ungase usondele eduze kuye qede ube wusizo kuye njengamanje okungaba ngamazwiiii amtoti kumbe yisenzo sesihle  ? 

Yini engenza uthando lukaNkulunkulu lugeleze ngawe  luye enhliziyweni yomunye umuntu  omdinga noludingayo uthando lwaKhe njengamanje ,namhlanje ? 

Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..